Circular Notice 1 of 2025
Dated: 3 February 2025
Dear Parent / Guardian/Mzali
Greetings to all. I’m sure that you have had a rest and an enjoyable festive season / holiday.
Siyanibingelela nonke. Ngiyakholwa ukuthi nibe namaholidi athokozelekayo.
SCHOOL TIMES IZIKHATHI ZESIKOLE
You are reminded that our school has implemented 1-hour long lessons from 2023. We expect all learners to be at school by 07:15 if not earlier as we serve porridge until 07:30. The first lesson commences at 07:45. On a Monday, Tuesday and Wednesday, the Grade R to 3 learners are dismissed at 13:15 and the Grades 4 to 7 at 14:15. On Thursday and Friday, all Grade 3 to 7 are dismissed at 13:30 and the Grade R to 2 at 12:30. However, we have scheduled activities every Thursday and learners will be dismissed at 14:30. Kindly make the necessary arrangements with taxis etc.
Niyakhunjuzwa ukuthi isikole sethu sesisebenzise isikhathi sokufundisa esiyihora eligcwele kusukela ngo 2023. Silindele bonke abafundi bebe sebesesikoleni ngo 7:15 noma ngaphambi kwaleso sikhathi ngoba sibanika isidlo sasekuseni (iphalishi) kuze kushaye u 7:30. Isifundo sokuqala siqala ngo 7:45. ngoMsombuluko, oLwesibili noLwesithathu, abafundi bebanga R kuya ku 3 baphuma ngo 13:15 bese kuthi ibanga 4 kuya ku 7 baphume ngo 14:15. ngoLwesine noLwesihlanu, onke amabanga 3 kuya ku 7 baphuma ngo 13:30 kanti ibanga R kuya ku 2 baphuma ngo 12:30. Nokho-ke sinezemidlalo ezenziwa njalo ngoLwesine ngakho abafundi baphuma ngo 14:30. Siyacela nenze izinhlelo ngokufanele nabamatekisi abathatha izingane.
PUNCTUALITY, ATTENDANCE, LEAVE AND ABSENCE UKUGCINA ISIKHATHI NOKUPHUTHA
As mentioned earlier, we serve breakfast every morning. Our school instruction time has not changed to cater for breakfast. We expect all learners to be at school before 07:15 to ensure that they have the porridge provided. The porridge is ready from 07:00 for the learners. Children who come late are placed at a disadvantage – either not getting the porridge or missing out on lessons. We find that late coming is generally with the local children – parents please ensure thar your child is at school on time. We are teaching our learners to value time and you as the parent need to support the school in its programmes.
Njengoba sesike sasho ngaphambili, siphakela isidlo sasekuseni zonke izinsuku. Isikhathi sokufundisa asiguqukile ukubhekelela lokhu. Silindele bonke abafundi bebe sesikoleni ngo 7:15 ukuze bakwazi ukudla iphalishi. Iphalishi lisuke selilungile kusuka ngo 7:00. Labo bafundi abangafiki ngesikhathi kungaba ukuthi abasasitholi lesi sidlo noma bayashiyeka ekufundeni.Sesikuqaphelile nokho ukuthi yilaba bafundi abahlala eduze nesikole abanenkinga yokungasigcini isikhathi sesikole. Bazali siyanxusa ukuba niqinisekise ukuthi abafundi bafika ngesikhathi esikoleni. Siyabafundisa abafundi bethu ubumqoka bokugcina isikhathi nawe ke njengomzali silindele ukuthi ubambisane nathi ezinhlelweni esinazo.
This year, we will be monitoring attendance and absence more closely. In terms of the policy on attendance at school (National Policy):
Parents are required to take note of the above points. If your child is absent you are required to send a message/note to the form teacher (can be via WhatsApp) and provide a medical certificate on his/her return to school, if the child is unwell.
Kulonyaka, sizokubheka ngeso elibanzi ukuphutha kwabafundi esikoleni. Ngokukasomqulu kazwelonke umthetho uthi:
Abazali bayacelwa ukuthi bawabhekisise lamaphuzu abalwe ngenhla. Uma umntwana wakho ezophutha kumele uthumele umyalezo kuthisha (ungathumela naku Whatsapp) ubuye uthumele incwadi kadokotela naye umfundi uma ekade engaphilile kahle.
Parents are required to make written requests for early leave for their children from this year – this can be noted in the communication book, which your child received, for the attention of the teacher.
Abazali bayacelwa ukuba bathumele incwadi yesicelo uma befuna umntwana wabo aphume singakashayi isikhathi sokuphuma. Kusukela kulo nyaka – lokhu kungabhalwa futhi ebhukwini lokuxhumana elincane abanikwa lona abafundi kubhekiswe kuthisha walelo klasi.
We expect every child to be present at school every single school day, for the whole school year.
Sindele ukuthi bonke abafundi babe sesikoleni usuku nosuku, unyaka wonke.
ACADEMICS / SCHOOL WORK/ EZEMFUNDO /UMSEBENZI WESIKOLE
As we started intervention programmes to improve the reading and writing last year, we will continue with this. We expect you as the parent to monitor your child’s reading and assist where possible.
Njengoba saqala amaklasi awengeziwe okusiza ukwenza ngcono ukufunda nokubhala ngonyaka odlule, sizoqhubeka nakulo nyaka. Silindele ukuthi nawe njengomzali ukubhekisise ukufunda komntwana wakho ukuze usize lapho ongakwazi ukusiza kona.
It is also important that you support the school by monitoring the progress of your child/ward daily and should you find that you need to make enquiries regarding the work, please come to school and discuss the matter with me or the Departmental Head concerned. Kindly sign the daily work given to your child.
Kubalulekile ukuthi ulekelele isikole ngokuthi uwubheke umsebenzi wengane yakho usuku nosuku ubuye ubuze nalapho odinga ukubuza khona mayelana nomsebenzi. Niyacelwa ukuba nifike nasesikoleni nizoxoxisana nothisha abengamele leso sigaba. Sicela usayine umsebenzi wosuku osuke unikwe umfundi.
Parents are informed of one of the requirements for a learner to be promoted at the end of the year. This is that all Formal Assessments Tasks (FAT) must be completed for consideration. The FAT includes exams / tests, and all activities listed for assessment in the Programme of Assessment issued to your child. Should your child miss any assessment, then your child will not be promoted at the end of the year.
Abazali bayaziswa ngenye ingxenye ebaluleke kakhulu ekutheni umfundi akwazi ukuphasa ekupheleni konyaka. Lokhu kungukuthi zonke izivivinyo/ukuhlolwa okuhlelelwe unyaka kumele kubhalwe konke kungasali nokukodwa. Lokhu kuhlolwa kuhlanganisa izivivinyo nezinye izinto ezahlukene okumele bazenze ezikhona ohlelweni lokuhlola abanikezwe lona. Uma kwenzeka umfundi egejwa okunye kwalokhu kuhlolwa, ngeke akwazi ukuphasa ekupheleni konyaka.
VOLUNTARY FEES AND OTHER COLLECTIONS / IMALI EKHOKHWA NGOKUZINIKELA NEZINYE IZIMALI EZIQOQWAYO
At the Annual General Meeting held on 13 November 2024 it was agreed that all parents of learners at school in 2025 pay a once off amount of R200-00 (to offset the honoraria paid to the extra personnel the SGB employs). All first-time learners will pay R200-00. Thank you to the parents who have contributed. To all other parents, please pay by the end of February 2025 or in instalments of R50 per month for returning learners. Currently, our funds are low due to not receiving funds from the department. We implore on parents to please contribute so that the school can function effectively from March 2025.
Emhlanganweni wonyaka owawubanjwe mhlaka 13 Novemba 2924 kwavunyelwana bonke abazali ababekhona ukuthi abazali babafundi abakhona esikoleni bakhokhe u R200 okhokhwa kanye nje. (ukubhekelela ukukhokhelwa kwalabo thisha abafaka isandla abaqashwa yi SGB) bonke abafundi abaqalayo bazokhokha uR200, siyabonga kulabo asebekhokhile. Kubo bonke abanye sicela nikhokhe ekupheleni kuka Febhuwari 2025 noma nikhokhe kancane kancane ngama R50 ngenyanga. Kumanje nje isikole siyashoda kakhulu kwezezimali ngenxa yokungakhokhelwa uMnyango wezeMfundo njengoba kufanele. Siyacela bazali nizame ukukhokha ukuze okungenani isikole sisebenze ngendlela kusukela ngoMarch 2025.
We will be taking class photos again this year. The date is 12 March 2025. Two packages will be on offer – the basic package at R60 or the Mug package at R120. Kindly arrange to pay once you have decided which package to purchase.
Sizophinda sishuthe izithombe futhi nakulo nyaka. Usuku olubekelwe lokhu umhlaka 12 March 2025.izinhlobo zizohlukana kabili- eyokuqala ile ejwayelekile ewu R60 bese kuba ile enenkomishi ewu R120. Siyacela nibe niqalelela ukukhokha uma senazi ukuthi iyiphi eniyikhethayo.
Excursion 2025. This is planned for 12 September. The expected cost will be R400 per learner. Factors such as fuel costs and entrance fees etc will determine the final cost, and this will be communicated closer to the time. However, if parents can pay up to R300 during the first half of the year, this will reduce the overall cost closer to the time. Parents are also requested to keep the receipt safe, as no refunds will be given without the original receipt. However, refunds will only be considered under exceptional circumstances. No refunds will be considered from 10 days prior to us embarking on the excursion.
Uhambo lwesikole luka 2025 luhlelelwe umhlaka 12 Septhemba. Silindele inani lokuhamba lingeqi ku R400 umfundi ngamunye. Izingqinamba ezifana nokukhuphuka kukaphethiloli noma imali yokungena phambili ikona esiyokusebenzisa ukunquma ngqo imali eyokhokhwa ngaleso sikhathi esiyobe sesixoxisana ngakho uma sekusondele isikhathi sokuhamba. Nokho-ke uma abazali bengabe beqalelela ukukhokha engxenyeni yokuqala yonyaka kuyobe sekusele encane kabi. Abazali bayacelwa ukuba amarisidi bawagcine ephephile ngoba ngeke ubuyiselwe imali uma ingekho irisidi ewungqo. Noma kunjalo ke kuyobhekisiswa isizathu sokuhoxiswa kohambo ngeso elijulile ngaphambi kokuthatha isinqumo. Angeke izimali zibuyiselwe emumva ezinsukwini eziyi-10 ngaphambi kohambo.
We also embark on Civvies Day and Valentines Day fundraising activities. The cost for the Valentines Day event is R5 per learner due before 14 February. The cost for each Civvies Day event will also be R5 per learner per term, from term 2.
Sisazoqhubeka noqoqa izimali ngokuba nezinsuku zokuswenka nosuku lwezithandani. Imali ekhokhelwa usuku lwezithandani u R5 umfundi ngamunye ekhokhwa ngaphambi komhlaka 14 Febhuwari. Inani lemali yokuswenka UR5 umfundi ngamunye ithemu ngethemu kusuka kuthemu yesibili.
EXTRA CURRICULAR ACTIVITIES / EZEMIDLALO NOKUNYE OKWENZIWAYO
Our internal sporting activities are every Thursday from 13:30 to 14:30. The school gates will be closed during this time and no learner will be allowed to leave. “A healthy body leads to a healthy mind” is our aim as well. If your child cannot take part in our activities, kindly inform the school and provide a medical certificate indicating which sporting activities he/she cannot take part in. We have indoor activities as well like chess and other board games, including a choir group. All learners are expected to take part in the various activities we have planned for them. The extracurricular activities commence from 6 February 2025 at 13:20 to 14:30 Kindly ensure that necessary arrangements are made for transport for your child / ward. Only the Grade R learners will be allowed to leave at 13:15 on Thursdays.
Ezemidlalo siba nazo njalo ngoLwesine kusuka ngo 13:30 kuya ku 14:30. Amasango esikole azavalwa ngalesi sikhathi njengoba engekho umfundi ovunyelwe ukuba ahambe. “Umzimba ophilile wenza ube nomqondo okhaliphile” yilokho esifisa kwenzeke. Uma umntwana wakho engeke akwazi ukuzimbandakanya kwezemidlalo sicela wazise i-ofisi ubuye uphathe nencwadi kadokotela okuyiyona ezocacisa ukuthi iziphi ezemidlalo angeke akwazi ukuba yingxenye yazo. Sineminye imidlalo edlalelwa endlini njenge chess nomlabalaba.kanye nomculo kulabo abathanda ukucula.abafundi kulindeleke babe yingxenye yezemidlalo enhlobonhlobo ezihleliwe. Ezemidlalozizoqala mhlaka 6 Febhuwari 2025 ngo 13:30 kuya ku 14:30. Sicela uqinisekisa ukwenza izinhlelo ezifanele mayelana nezokuhamba/izimoto kulabo abagibelayo. Abafundi bebanga R kuphela abazodedelwa ukuba bahambe ngo 13:15 njalo ngoLwesine.
DRESS CODE / SCHOOL UNIFORM / INDLELA YOKUGQOKA /UMFANISWANO WESIKOLE
The school has adopted a dress code, which every parent has a copy of. Kindly ensure that your child / ward comes to school with the full school uniform and that the Dress Code is followed. It is also imperative that you use a marker to write your child’s name on his/her clothing so that we can identify the item when it is lost – this applies especially to the learners from Grade R to Grade 4. Isikole sinendlela yaso yokugqoka kanti umzali unalo iphepha elinendlela inyufomu egqokwa ngayo .Qinisekisa ukuthi umntwana wakho uza esikoleni egqoke inyufomu ngendlela efanele futhi ebhalwe ephepheni owanikezwa lona.Kubalulekile ukuthi izingubo zomntwana uzimake ngokuzibhala igama lakhe umntwana ukuze kube lula ukuzibona uma zilahleka lokhu kubaluleke kakhulu kwibanga R kuya kwibanga lesi-4.
CELL PHONES / ELECTRONIC ITEMS /AMASELULA/IZINTO ZIKAGESI
Parents are reminded that as per the school Code of Conduct, no learner is allowed to come to school with cell phones or any other electronic item. Parents have agreed that we ban these items from school, unless specifically required. In such cases, parents will be informed
Abazali bayakhunjuzwa ukuthi ngokwenqubo yomthetho wesikole yokuziphatha kwabafundi, akekho umfundi ovunyelwe ukuza esikoleni ephethe umakhalekhukhwini noma yini enye yalolohlobo esebenza ngogesi. Abazali bavuma ukuba zingavunyelwa lezi zinto esikoleni ngaphandle uma zidingeka ngenxa yesizathu esithile. Uma kunento enjengaleyo abazali bayokwaziswa yisikole.
TEXTBOOKS AND STATIONERY
All learners have received their basic stationery pack for 2025. Kindly have all the books covered and neatly labeled (Child’s full name(s); Subject and Grade). Should your child lose any item, you are required to replace it as soon as possible. Please check your child’s books daily. Some items you were required to purchase for your child, as per the list issued to your child when they returned to school this year. Please ensure that the items are purchased to ensure that teaching and learning continues without interruption.
Bonke abafundi banikiwe isethi yezidingo zesikole ka2025. Sicela niqiniseke ukuthi zonke izincwadi ziyakhavwa zibhalwe kahle amagama ngaphandle (igama lomntwana nesibongo, isifundo nebanga) Uma umntwana wakho kukhona akakulahlile kulokhu akunikiwe wena njengomzali kumele umthengele kona ngokushesha. Siyacela nizibheke izincwadi zabafundi nsuku zonke. Izidingo zokwengeza ezidingwa ngumntwana wakho zazifakiwe emvilophini yemiphumela ngonyaka odlule, nakulabo bazali ababhalise kuwo lo nyaka. siyacela uqinisekise ukuthi uyazithenga lezi zinto ezibhaliwe ukuze ukufunda kungaphazamiseki.
Textbooks are also issued to learners – in some rare cases they share. If your child/ward receives a Textbook, they sign a control form at school and the textbook is collected at the end of the year. Should your child / ward lose the textbook, then the book has to be replaced by you (the school cannot afford to purchase books every year due to losses). Circular S12 of 2013 issued by the National Department of Education makes provision for the retrieval of lost textbooks and not issuing textbooks to learners in the New Year unless the book has been replaced. If parents wish the school to purchase the textbook, then an amount of R350-00 per lost book must be paid to the school before 31 October 2025, or earlier if possible. Izincwadi zokufunda zinikezwe abafundi – abanye basebenzisa incwadi eyodwa bebabili. Uma umntwana ethola incwadi ugcwalisa ifomu lesikole bese incwadi ithathwa sekuphele unyaka. Uma umntwana elahla incwadi wena mzali kufanele uyikhokhe ( isikole asikwazi ukuthenga izincwadi njalo ngonyaka ezilahlekile). Isekhula S12 ka 2013 eyakhishwa uMyango weZemfundo iyakugcizelela lokho, futhi iyasigunyaza ukuthi umntwana anganikwa enye incwadi kuze kube ukuthi useyikhokhile le ayilahlile. Uma umzali engakwazi ukuyozithengela yena incwadi mathupha isikole singakwazi ukuyomthengela kodwa ke inani sekuyoba uR350-00 okhokhwa e-ofisi lesikole ngaphambi komhlaka 31 Okthoba 2025, noma nganeno kwalokho uma kungenzeka.
DISCIPLINE MATTERS / MERIT & DEMERIT SYSTEM
INDLELA YOKUZIPHATHA, UKUKLONYELISWA NOKUPHUCWA KWAMAPHUZU
Kindly assist the school by ensuring that you talk to your child about discipline matters. Bullying is on the rise in several schools. Bullying is not accepted in any form and parents should ensure that your child is constantly reminded/taught that bullying has a negative impact on the receiver. At Kranskop Primary, we do not take bullying lightly and parents should contact me directly so that the matter can be investigated. Sometimes, there is a delay in providing feedback – this is due to other factors beyond our control.
Sicela usize isikole ngokuthi ukhuluma nengane yakho ngendlela yokuziphatha. Izinga lendlela yokuziphatha ngokubhozomela abanye liya ngokudlondlobala kakhulu ezikoleni. Lokho akwamukeleki nakancane esikoleni ngakho abazali kumele njalo babakhumbuze abantwana ukuthi lokhu akwamukeleki ikakhulu kuloyo okusuke kubhekiswe kuye. Thina ke eKranskop Primary asikuthatheli phansi ukuhlukunyezwa kwabafundi ngakho umzali ohlangabezana nalokho kuyomele athintane nesikole ukuze lucubungulwe kahle udaba. Kokunye kuyenzeka uphenyo luthathe isikhashana ngenxa yezimo ezisuke zingaphezulu kwamandla ethu.
As a parent, you have an important role to play in instilling discipline in your child. Help the school minimize discipline issues so we can spend more time providing the best education for your child.
Njengomzali, uneqhaza elibalulekile okumele ulibambe ekufundiseni ingane yakho ngendlela yokuziphatha. Sicela ubambisane nesikole ekunciphiseni amacala okungaziphathi kahle kwabafundi ukuze isikhathi singachitheki ngeze kodwa sisetshenziselwe ukufundisa ingane yakho.
Our school code of conduct was adopted at the AGM last year and will be implemented fully this year. It will be posted on the Kranskop Primary WhatsApp groups once we have finalized the groups in the next few days.
Umqulu oqukethe indlela efanele yokuziphatha kwabafundi wamukelwa wavunywa emhlanganweni wonyaka wabazali ngonyaka odlule kanti uzosetshenziswa ngokugcwele kulonyaka. Lomqulu uzokwethulwa egruphini yeWhattsapp yase Kranskop Primary uma sesihlele kahle konke ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.
INTERVENTION PROGRAMME /UHLELO LOKUFUNDA OKWENGEZIWE
We are busy finalizing the intervention plan – delay is teachers are attending workshops from 21 January and is expected to finish this week. The times will be from 14:15 to 14:50 (may finish around 15:00) on Tuesdays and Wednesdays. You will be informed if your child is required at these classes.
Simatasa nokuhlanganisa uhlelo lokufunda okwengeziwe olusenokubambezeleka okuncane njengoba othisha besahambela imihlangano yezifundo zabo eyaqala mhlaka 21 Januwari okulindeleke iphele kuleli sonto. Izikhathi zizosukela ku 14:15 kuya ku 14:50 (kungenzeka kuqedwe ngo 15:00) ngoLwesibili nangoLwesithathu. Uzokwaziswa uma ingane yakho ilindeleke ukuba ibe yingxenye yalolu hlelo.
COMMUNICATION / WHATSAPP/ UKUXHUMANA/ UWHATSAPP
The teachers will be updating their class WhatsApp Groups and this is expected to be completed by 7 February. Kindly ensure that you provide the school / teacher with the correct valid cellphone number that can be used for WhatsApp. Please do not exit the group as you will miss out on important messages when it is posted.
Othsha basahlanganisa amagruphu eWhattsapp yamaklasi abo okulindeleke kube sekuqediwe ngomhlaka 7 Febhuwari. Sicela ukuba unike isikole noma uthisha inamba kamakhalekhukhwini esebenzayo ekwaziyo ukungena kuWhattsapp. Siyacela ningaphumi emagruphini enisuke nifakwe kuwo ngoba lokho kungenza uphuthwe yimiyalezo ebalulekile esuke ithunyelwe.
PHOTOGRAPHS FOR MEDIA / WEBSITE PUBLISHING UKUSAKAZWA KWEZITHOMBE NAKUWEBSAYTHI
At times we take photographs of activities etc that we engage in and post these on social media platforms as well as our website. In the case of sponsorship / donations, we also take photographs. Should parents not want to have their children’s photographs published, kindly send a written letter to the school indicating this.
Kwesinye isikhathi kuyenzeka sishuthe izithombe zezinto esisuke sizenza njengesikole nemiklomelo esiyitholayo bese sizifaka kwezokuxhumana naku websaythi yethu. Uma kuneminikelo esiyitholayo futhi siyashutha nalabo abasuke besixhasa. Uma njengomzali ungathandi ukuthi ingane yakho ibe yingxenye yalokhu, siyacela ubhalele isikole usazise ngalokho.
SCHOOL GOVERNING BODY Bi-ELECTIONS 2025
UKUKHETHWA KWAMALUNGU ESIGUNGU ESENGAMELE ISIKOLE OKWENGEZA 2025
We have a vacancy for 1 parent. The date for the meeting and election of 1 parent and 1 co-opted parent is Wednesday, 19 February 2025. We will commence with a meeting to discuss school matters first and then have the elections. This is to minimize parents having to come to 2 separate meetings in February. Please attend. Circular 3 will have more information on this.Sinesikhala somzali oyedwa esidinga ukuvalwa kusigungu esengamele isikole. Usuku lomhlangano wokukhetha lomzali oyedwa nomunye wokwengeza luyoba ngoLwesithathu mhlaka 19 Febhuwari 2025. Siyoba nomhlangano omfishane wokuxoxa ngeziphathelene nesikole bese kwenziwa ukhetho. Lokhu sikwenzela ukugwema ukuthi abazali bangaze beze kabili emihlanganweni eyahlukene ekuyo lenyanga kaFebhuwari. Siyacela ukuba niwethamele lo mhlangano. Isekhula yesi-3 yiyona eyoba nolwazi oluthe xaxa ngalokhu.
Thank you/Siyabonga
R Maharaj
Principal/uThishomkhulu